uMadonsela uthi isiphithiphithi esibhekene namanyuvesi akuleli komele izinhlaka ezahlukahlukene zihlangane ukudingida loludaba.
uMadonsela uthi ihhovis lakhe likholelwa ukuthi udaba lwemfundo yamahhala elokuthi ludingidwe ngokuthi ingabe izotholakala kanjani.
Uthi ihhovisi lakhe lihlezi livuliwe ukuthi lezonhlaka ezahlukahlukene ezifisayo ukuthi zize xivele ukuze kuzophela loludlame.
Ngenkathi ekhuluma nge national good governance week uthi leliviki lihlose ukuqwashisa ngokusebenza kohlumeni obusayo nanokuthi abantu bakwazi ukuhlukanisa phakathi kokubusa okuyikho nokungekhona.
uMadonsela uthi sebebekele eceleni imicimbi eyahlukahlukene ukubungaza isonto le governance week nokubalwa khona inkomfa eyobe isphetha ngesidlo sasebusku sokumvalelisa njengalokhu ezoshiya kulesisikhundla_
Umvikeli womphakathi uThuli Madonsela uthi lento eyenzeka ezikhungweni eziphakeme zezemfundo kuwukusabisa ngomthethosiseko wakuleli.
