Andizo Mthembu – Umdlali weKaizer Chiefs osephenduka idlozi kuleliqembu uSimphiwe Tshabalala uthi ukufika kuka Giovanni Solinas eqenjini laMakhosi lokho kuzokwenza umehluko omukhulu njengoba eseqalile ukuqhamuka nezinto ezihlukile ejimini ezizosiza Iqembu ukuthi lenze kancono ngesizini ezoqala ngoMngqibelo”sizizwa singasabi muntu kulesizini ezoqala, empeleni ungathi sizelwe Kabusha, ukufika kwakhe kuze nomkhulu umehluko eqenjini, “kusho uTshabalala.
Iqembu laMakhosi livule isizini ngomdlalo onzima nalapho khona belibhekane neqembu le Mamelodi Sundowns eFNB Stadium ngehora lesithathu ntambama, kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ishaywe iSundowns kumqhudelwano we Shell Helix cup emasontweni adlule kanti lomdlalo wangomngqibelo iwona obubhekwe kakhulu abathandi bebhola lezinyawo njengoba kujwayelekile ukuthi lamaqembu mayebhekene womabili amagoli aba maningi.
Lomdlalo obuphakathi kwaMakhosi kanye ne Sundowns uphele ngokulingana:
(Nascimento, pen 25’) Mamelodi Sundowns 1 : 1 Kaizer Chiefs (Mphahlele 8’)
Absa Man of The Match: Khama Billiat