Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa
Uzikalala ukhulume kanje emhlanganweni we-Cabinet Lekgotla obubanjelwe eThekwini,Kwa-Zulu namhlanje.
Lomhlangano wanamhlanje ubungowokuqala weCabinet entsha kuhulumeni wesifundazwe zaKwa-Zulu Natal.
Inhloso yalomhlangano ukuza namasu okubhekana nezinkinga zokutholakala kwamathuba emisebenzi ,ukusalelela umuva kokusiwa kwentuthuko emiphakathini kanye nokuza nezinhlelo ezintsha ezizosisa ekuthuthukiseni imiphakathi ,okubalwa kuzo ukulethwa kabatshali zimali kwisifundazwe ngenhloso yokuthuthukisa umnotho kanye nezinye.