Ungahle wehle uphethiloli ngenyanga ezayo

Isambane News images-7-300x187 Ungahle wehle uphethiloli ngenyanga ezayo  Isambane

– Intengo kaphethiloli ingase yehle ngo-45c ilitha ngoDisemba njengoba intengo yawo emhlabeni wonke iqale ukwehla ngoNovemba , lokhu kuvezwe yi-Automobile Association (AA) ngoLwesibili.

Le nhlangano ibiphawula ngemuva kokuba i-Central Energy Fund (CEF) ikhiphe intengo kaphethiloli engacubunguliwe maphakathi nenyanga.

“Intengo kaphethiloli emhlabeni wonke ibilokhu izinzile ngo-October, kodwa ibilokhu yehla kusukela ngoNovemba,” kusho i-AA.

Amandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika abelokhu eqinile ngesikhathi esifanayo, nokubambe iqhaza elikhulu kulokhu.

Le nhlangano iqhuba yathi kulindeleke ukuthi intengo kaphethiloli yehle ngo-45c ilitha, eyadizili yona yehle ngo-38c ilitha bese kuthi eyapharafini yona yehle ngo-40c ilitha.

Kuzokhumbuleka ukuthi intengo kaphethiloli yenyuka ngo-45c ilitha ngoNovemba, nokwaholela ekutheni intengo kaphethiloli ibize u-R13.05 ilitha izindaweni ezimaphakathi nezwe, yase ibiza uR12.57 ilitha kulabo abahlala ezindaweni ezigudle ugu.

Kodwa-ke noma kunjalo i-AA ithi lokhu kwehla kwaphethiloli okulindelekile kuzoba yinto yesikhashana.

Related posts

Leave a Comment