
Obengumsakazi woKhozi FM uNgizwe ‘Zulu Charmer’ Mchunu , kubikwa ukuthi uzokwethula isiteshi somsakazo esithi yena ngesonto elizayo, ngoMgqibelo.

UNgizwe waxoshwa oKhozini ngonyaka odlule, kade ethula uhlelo olubizwa nge “Isigqi Sezwe” olungena ngo-2 kuyaku ngo-4 ekuseni phakathi neviki.
Isiteshi sikaNgizwe ogama laso lithi “Ngizwe Mchunu FM” sizokwehluka kakhulu noKhozi FM njengoba sona sizobe siqondene ngqo nomculo kaMaskandi,okanye owesintu.
Lezi zindaba zesiteshi sika Ngizwe ziqinisekiswe ngumculi kaMaskandi uNjoko ‘iHobosha Mbabo” obhale ekhasini lakhe lakwi-Facebook izolo kusihlwa, wathi “???????????????????? NGIZWE MCHUNU FM Uhlelo…. SISHAYA KWASANI NGO 9 TO 11 EKUSENI????????14 SEPTEMBER IYAQALA ???????????????? NGEKE USIBAMBE ESENKABO ENKULU ISANQASHA.AKENIVELE NONKE MANHINCA”,kubeka uNjoko.

Iningi labantu seliveze imibono yalo ehlukahlukene ezinkundleni zokuxhumana mayelana,abanye bathi kungani eqambe umsakazo ngegama lakhe kodwa abanye bathi bayakujabulela akwenzile uNgizwe futhi basibheke ngamehlo abomvu njengoba bengakujabulela ukuba yinxenye yaso,bakwazi nokufaka umculo wabo ukuze udlalwe.

UNgizwe uzoqala ukusakaza ngoMgqibelo ozayo ngo-9 kuyaku-11 ekuseni, kwi-Ngizwe Mchunu FM #Sishaya Kwasani .
Izithombe zicashunwe ku facebook