Ungqongqoshe wezemfundo Kwa-Zulu Natal uKwazi Mshengu uthi balwisana nokwanda kodlame ezikolweni zakuleli

Isambane News 64316364_2758685567537137_5843420761326354432_n-300x200 Ungqongqoshe wezemfundo Kwa-Zulu Natal uKwazi  Mshengu uthi balwisana nokwanda kodlame ezikolweni zakuleli  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Umshengu usho lokhu eMlazi ,Kwa-Zulu Natal namhlanje  ngenkathi kunenkonzo yomcwabo yothisha odutshulwe wabulawa emagcekeni esikole ngesonto eledlule

USibonakaliso Nyawose oneminyaka engu 48 udutshulwe wabulawa emagcekeni esikole ngabasolwa abangaziwa esikolweni samabanga aphansi eMaseko Primary School,eMlazi enyakatho netheku

Ethula inkulumo yakhe ungqongqoshe enkonzweni yomngcwabo kaNyawose uthe bewumnyango wezemfundo basazohlangana badingide udaba lokuqinisekisa ezokuphepha ezikolweni

Izakhamuzi zakuleli sezizwakalise ukukhathazeka okukhulu mayelana nodlame oluqhubekayo ezikolweni kulezinsuku.

Izithombe zicashunwe ku: https://www.facebook.com/dbekzn/

Related posts

Leave a Comment