UDABA NESITHOMBE Ngu: Samukeliwe Hadebe kanye no Khethiwe Mazibuko
OSIZWENI – Ungqongqoshe wezempilo Kwa-Zulu Natal
uDokotela SM Dhlomo ungqungquzele abantuukuba baphenduke ekwenzeni okubi.
UDHLOMO ukusho lokhu ngenkathi bebambe uMkhuleko
Wesifundazwe lapho bekukhulekelwa khona isilava esibi esihlasele abantu bakulesifundazwe, okubalwa phakathi ,ukudlwengula , ukubulalana ,ukuhlukunyezwa kwezingane nabazane,
nodlame lwasematekisini.
U-Dhlomo ugqugquzele ubumbano ebaNtwini, ukwazisana kanye
nokuphenduka.Nokuyiyona nhloso ngqangi yaloMkhuleko.
“Sizotshala,sizolungisa izimilo , sizogqugquzela abantu sizovusa uvalo kubantu, sizovuselela into eyatshalwa uJehova ehambele izwe lase Niniva, ehambele ngoJonner”, kusho uDhlomo ngenkathi
ekhuluma nabomsakazo wabantu abasha i-Radio 034 ,ozinze eDolobheni.
Uthe uMyalezo abawulethile awugxilanga kakhulu kubantu asebekhulile kodwa ubugxile kakhulu kubantu abasha
abayiSizwe sakusasa okuyibona abazohola iSizwe.
uNgqongqoshe ubonge kakhulu aboMnyango wezeMpilo kanye nabaFundisi ababambe iQhaza elikhulu kuhlelwa loMkhuleko obuso Sizweni Community Hall.