Uphiko lwamaphoyisa kuleli luthi lusazolufakela izibuko udaba lokudutshulwa komunye wabaholi babafundi enyuvesi yaseWits.

Isambane News 14666255_1818605711691011_3502514356532781329_n Uphiko lwamaphoyisa kuleli luthi lusazolufakela izibuko udaba lokudutshulwa komunye wabaholi babafundi enyuvesi yaseWits.  Isambane

Kunemibiko yabezindaba ethi lomfundi ulimale engaphakathi kwamagceke ekhempasi.
Olibamba likakhomishane wamaphoyisa uKgomotso Phahlane uthi basazobhekisisa nanokuthi yini eholele ekutheni agcine esedula lomfundi ngezinhlamvu zenjoloba.
Loludaba luzophinde ludluliselwe nakuphiko oluzimele lwamaphoyisa iIPID.
Amaphoyisa ayaqubeka nokuqapha isimo kuleyanyuvesi njekokuyalelwa kwabo.
Amaphoyisa akuleli athi azoqhubeka nokuvikela alaba abasaqhubeka ngezifundo zabo ukuthi kungabibikho ukuphazamiseka abazokuthola

Related posts

Leave a Comment