UPitso unesicelo esibhekiswe kwi-SAFA

Isambane News is UPitso unesicelo esibhekiswe kwi-SAFA  Isambane

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi unethemba lokuthi i-SAFA kulokhu izosamukela isicelo sakhe sokuphumuza abadlali bakhe eqenjini lesizwe ngaphambi komdlalo wamanqamu eCAF Champions League.

AmaBrazilian, ehlulwe yiBidvest Wits kowamanqamu eMTN8 ngoMgqibelo, azodlala emlenzeni wokuqala emdlalweni wamanqamu eChampions League ngoMgqibelo ozayo eLucas Moripe Stadium, ngemuva kwezintuku ezine iBafana Bafana idlale kowobungani neGhana eThekwini.

Ngokwedlule iSundowns yazama ukucela iSafa ukuba ingabadlalisi abadlayo bayo emdlalweni weBafana neMauritania owawungsabalulekile nowobungani neGibhithe, kodwa badlaliswa.

UMosimane uthi kumele abadlali bakhe badlale emdlalweni obalulekile njengalowo abazowudlala neBurkina Faso – okungowokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba – kodwa uthi akazi noma kumele yini badlaliswe uma iBafana isidlala neGhana kowobungani.

Related posts

Leave a Comment