Udaba: Shombela imbongi
Usadidekile umculi kamaskandi owaziwa ngo Qhoshangokwenzakwakhe emvakoku gadlwa omunye wabaculi abahamba phambili kuleli uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele.
UQhosha uzwakalise ukudumala nokuphoxeka ezinkundleni zokuxhumana ngenkathi Igcokama Elisha likhwele ladilika kuye kanti uQhosha ubika ukuthi akakaze axabane neGcokama.
Kuzokhumbuleka ukuthi igcokama kule album yalo eliyikhiphile entsha esihloko sithi “Idog_Style” lipike izimbongi ezimbili,enye yazo ikhwele yadilila kuQhosha.Lokho kumangaze abaningi ngisho nabalandeli badidekile.
UQhosha uveze ukuthi “ngilibuzile igcokama ku WhatsApp langangiphendula kodwa beliwumuntu ozobuya kimi”.

Umculi kamaskandi uQhoshangokwenzakwakhe