Usayine inkontileka yeminyaka emibili neqembu le-Maritzburg United u-Eric Tinkler

Isambane News default-300x203 Usayine inkontileka  yeminyaka emibili neqembu le-Maritzburg United u-Eric Tinkler  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Umqeqeshi weqembu laseMgungundlovu esifundazweni saKwa-Zulu Natal i-Maritzburg United,  uEric Tinkler usayiniswe inkontileka yeminyaka emibili njengomqeqeshi waleleqembu.

Iqembu leMarizburg besekusele kancane ligawulwe yizembe kwi-PSL kodwa uTinkler ukwazile ukulivikela iqembu laphindela kwi-PSL.

Iqembu leMarizburg United likwazile  ukunqoba yonke imidlalo yamaPlay-Offs ngenyanga edlule nokwenze lakwazi ukubuyela kwi-Premier Soccer League (PSL), kwazise nabalandeli beqembu besebephelelwe yithemba,sebezitshelile ukuthi lizogawulwa yizembe liye kwi-National First Division (NFD) njengoba belibangwa nezibi kwi-PSL ngesizini ka2018/19 .

Related posts

Leave a Comment