Usekela Mengameli wakuleli uMnu David Mabuza ufungiswe ngokusemthethweni njengelunga lephalamende ePitoli namhlanje

Isambane News 61514082_10155871928011222_8179801473345912832_n-300x200 Usekela Mengameli wakuleli uMnu David Mabuza ufungiswe ngokusemthethweni njengelunga lephalamende ePitoli namhlanje  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Iphini likaMengameli waseNingizimu Afrika nophinde abe yiPhini likaMengameli weqembu elibusayo i-ANC uMnu David Mabuza ufungiswe ngokusemthethweni njengelunga lephalamende ePitoli namhlanje.

Imbangela eyenze ukuba uMabuza engafungiswa ngesonto eledlule njengoba bekufungiswa uMengameli wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa ukuthi uMabuza wafaka isicelo ekomidini lenhlangano ebhekelele ukuziphatha sokuba engafungiswa ngoba efuna ukugeza igama lakhe kuqala ngaphambi kokuba afungiswe njengelunga lePhalamende,kulandela izinsolo zenkohlakalo ebezibhekiswe kuye ngenkathi esenguNdunankulu waseMpumalanga.

UMabuza kulindeleke ukuthi abe yiPhini likaMengameli Cyril Ramaphosa njengalokhu kulindeleke ukuba uRamaphosa ememezele ikhabhinethi lakhe elisha, nokuvela ukuthi uzolimemezela kuleli sonto.

uMabuza ufungiswe yilowo oyinhloko yamaJaji kuleli uMogoeng Mogoeng.

Isambane News 61123020_10155871920441222_4788753131901026304_n Usekela Mengameli wakuleli uMnu David Mabuza ufungiswe ngokusemthethweni njengelunga lephalamende ePitoli namhlanje  Isambane
Iphini likaMengameli uMnu David Mabuza ngenkanthi efungiswa ngokusemthethweni njengelunga lePhalamende yinhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng.

Izithombe zicashunwe ku-Facebook: https://www.facebook.com/GovernmentZA/

Related posts

Leave a Comment