Usekhonjwe indlela umqeqeshi we Celtic ngokungenzi kahle kweqembu

Usekhonjwe indlela umqeqeshi we Celtic ngokungenzi kahle kweqembu

IBloemfontein Celtic isimemezele ukuthi isimkhombe indlela umqeqeshi wayo uSerame Letsoaka.
Leli qembu laseBloemfontein lenze lesi simemezelo emhlanganweni omkhulu wabalandeli obungeSonto ekuseni.

UHloni Seema noJohn Maduka yibona abazobe bebambe izintambo emdlalweni olandelayo weCeltic, ozoba ngoLwesithathu abazowudlala neCape Town City, kubika iSoccerLaduma.
ICeltic ishaywe ngo-2-1 yiBidvest Wits ngoMgqibelo ebusuku nokushiye leli qembu lilele kunombolo 12 kwiligi.

Related posts

Leave a Comment