USENETHEMBA NGESICOCO SELIGI UKOMPHELA

Isambane News Komphela-Title-race-not-over1-300x225 USENETHEMBA NGESICOCO SELIGI UKOMPHELA  Isambane

Andizo Mthembu –

Njengoba imidlalo ye Absa Premiership isiyela ngasemaphethelweni namaqembu wonke asekhombisa ukuzimisela njengoba cishe wonke anyuse amasokisi amanye avikela izembe amanye afuna ukuqeda engenile ku Top 8 kanti amanye asembangweni wesicoco seligi,umqeqeshi we Kaizer Chiefs uSteve Komphela uthi angeke alilahle okwamanje ithemba ngesicoco seligi kanti lokhu ukusho ngemuva kokuthi bebhaxabulwe kabuhlungu omkhaya babo okuyi Orlando Pirates osukwini lwangomngqibelo nokumdlalo owaphela ngo 3-1 nokungamagoli avalelwa phakathi uThembinkosi Lorch elodwa kwathi Luvuyo Memela wavalela amabili elokubika ekhaya le Chiefs lavalelwa phakathi Lenardo Castro.

Iqembu le Kaizer Chiefs lihlezi endaweni yesihlanu kwiligi ngamaphuzu awu 35,emdlalweni ewu 23 iChiefs isanqobe eyisishiyagalolunye,kanti iMamelodi Sundowns ilona qembu elizihola phambili ngamaphuzu awu 43,endaweni yesibili kulele i Orlando Pirates ngamaphuzu awu 39 noma kunjalo kubonakala amaqembu ekhukhula namaphuzu uSteve Komphela uthi ithuba lisekhona lokuthi ejabulise abalandeli be Kaizer Chiefs ngokubathathela iligi njengoba mayeshaya izibalo kukhona okuhlanganayo.selokhu uKomphela afika eNaturena akaze athathe ngisho isicoco esisodwa kanti emdlalweni olandelayo uzodlala naMazulu fc mhlaka 17 March 2018.

Isambane News Komphela-Title-race-not-over1 USENETHEMBA NGESICOCO SELIGI UKOMPHELA  Isambane

Related posts

Leave a Comment