Ugcine uphelile umbango womdlali Andile Jali obefunwa amaqembu amakhulu alana eNingizimu Afrika njengoba ubesebuya Phesheya kwezilwandle ezodlala kwiPsl,kube nombango omningi phakathi kweKaizer Chiefs ne Mamelodi Sundowns ifuna lomdlali phansi naphezulu obekuvela ukuthi iqembu elizomthatha kufanele liguge ephaketheni ngenxa yokubiza kwakhe.
Iqembu leMamelodi Sundowns ilona eligcine limtholile lomdlali njengoba iqinisekisile ekhasini layo likaTwitter ukuthi uJali usengumdlali wabo ngokuphelele konke sekuvunyelwene ngakho.
Amasandawana azwakalise okukhulu ukujabula ngokuthola lomdlali obesemataniswa kakhulu neKaizer Chiefs egcine ihlulekile ukumthola kanti sekuyinto ejwayelekile ukuthi iChiefs mayibanga umdlali nelinye iqembu igcine ihlulekile ngenxa yokugodola nemali,uJali uphinde wamataniswa neqembu le Orlando Pirates nalapho ubesezoshaya ibuya kwazise wasuka kuyona walibangisa eBelgium.
Lomdlali wase Eastern Cape uhlale iminyaka emine nohhafu phesheya kwezilwandle edlalela iqembu le Kvo,kanti uzobonakala okokuqala mhlaka 21 July edlubhe ijezi leMamelodi Sundowns uma isitholene phezulu neqembu leKaizer Chiefs kumqhudelwano we Shell Cup