Ushiye angalazi ku Ngizwe neGcokama uKhuzani | Isambane News

Isambane News 74286294_819108481854471_4331727208121892864_o-300x300 Ushiye angalazi ku Ngizwe neGcokama uKhuzani  |  Isambane News  Isambane

USHIYE ANGALAZI KU NGIZWE NE GCOKAMA UKHUZANI.

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Isihlabani somculo kaMaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose sishiye esingalwazi kwizimbangi zayo uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele oyisihlabani naye somculo kaMaskandi no Ngizwe Mchunu oke waba ngumsakazi kuKhozi FM kodwa osenesiteshi sakhe esisakaza kuFacebook nakuYou Tube iNgizwe Mchunu FM.

uKhuzani ukhiphe iAlbum yakhe esihloko sithi “Inhloko nesixhanti”” nokulapho kunengoma khona asika kuyo uNgizwe Mchunu esho nokuthi udla amandla abaculi abasafika emculweni (KaMaskandi) kodwa ehlulwa uku-Promotha unkosikazi wakhe (uFlodda),kanti kuMthandeni yena umsole ngokudicilela phansi amandla abantu abasebenze naye abanjengo Skandi Kidd, Vusi Nova, Dj Bhunu noMacekeceke athi bonke labo bantu babe ukusebenza noMthandeni baphupha.

Impi kaNgizwe noKhuzani ivele obala ngesikhathi kunomcimbi kaShwi noMntekhala begubha iminyaka engama-20 lapho uNgizwe ebephethe khona uhlelo kwathi mase kufanele afake uKhuzani esteji wabiza uTshatha ukuba azomfaka maqede wathi uma eseqedile ukucula uKhuzani wabonga ukuthi ufakwe nguTshatha esteji.

Related posts

Leave a Comment