USIBHEKE NGABOMVU ISICOCO SE CURRIE CUP OWAMA SHARKS

Isambane News Robert_du_Preez_Gallo.width-800.jpg.cf_-300x225 USIBHEKE NGABOMVU ISICOCO SE CURRIE CUP OWAMA SHARKS  Isambane

Andizo Mthembu
23 Okthoba 2017
Umqeqeshi weqembu le Cell c Sharks uRobert Du Preez uthi uzimisele kakhulu ngokujabulisa abalandeli bamaSharks ngokuthatha isicoco se Currie Cup njengoba leliqembu selibheke kumdlalo wamanqamu nalapho khona lizobe ligadulisana neqembu le Western Province ngoMngqibelo eGrowthpoint Kings Park ngo 4 ntambama.

Amasharks angene kowamanqamu ngemuva kokushaya iqembu le Blue Bulls ngo 37-27 khona eKings Park ngoMngqibelo,iqembu lamaSharks likhombise ukuzimisela kakhulu kulomdlalo njengoba lishaye amatry amabili asheshayo umdlalo usanda kuqala,kanti bahole iBlue Bulls umdlalo waze wayakophela.

UDu Preez uthi akukho okuningi azokushintsha ngempelasonto uma sebedlala owamanqamu,”Ngiyazi ukuthi iningi labadlali esinabo alikaze lidlale kowamanqamu ,nokho angihlelile ukushintsha izinto eziningi kodwa sizobona uma sesizilungiselela phakathi nesonto,”kusho uDu Preez.

Lomqeqeshi uphethe ngokuthi akufanele bazithele ngamanzi abandayo ngoMngqibelo njengoba ethi into emthokozisa kakhulu ukuthi lomdlalo bazobe bewudlalela ekhaya,kanti ngesonto eledlule kuzokhumbuleka ukuthi iqembu lamaSharks lakhala ngaphansi lishaywa iWestern Province ngo 37-20 kumdlalo wokugcina wamaphuzu.

Isambane News Robert_du_Preez_Gallo.width-800.jpg.cf_ USIBHEKE NGABOMVU ISICOCO SE CURRIE CUP OWAMA SHARKS  IsambaneAbadlali Abaqobele amaphuzu osukwini lwangoMngqibelo iCell Sharks ishaya iBlue Bulls :
Amatry:Louis Schreuder,Ruan Botha,Kobus Van Wyk,Lukhanyo Am
Amaconversion:Curwin Bosch
Amaphenathi:Bosch(2),idrop goal:Bosch.

Related posts

Leave a Comment