Ongusihlalo weqembu lebhola lezinyawo iOrlando Pirates uIrvin Khoza ubenesithangami sabezindaba izilo lapho khona ebazisa ngokusula komqeqeshi weqembu le Orlando pirates uMuhsin Ertugral.
Ukwesula kuka Edtugral kulandela ukuthi iqembu le Orlando Pirates lishawe ngemvula yamagoli ayisithupha ngolwesibili kusihlwa ngenkathi lidlala neqembu le Super sport United.
uKhoza uthi kuyadabukisa ukuthi uyesula umqeqeshi kodwa kungakuhle abantu bamnike isikhathi sokuthi etshise amagoli ayisithupha okushaywe ngalo iqembu le Pirates.
uKhoza uthi basazocabanga kahle njengeqembu ukuthi bayasamukela yini isinqumo sika Ertugral noma cha.
Uthi abadlali bebengakatshelwa nabo ngakesisinqumo emvakomdlalo wabo wayizolo kusihlwa.
Uphinde wancoma iqembu leOrlando Pirates ngomdlalo wabo nokuzimisela kwabo ngolwesibili kusihlwa
Usihlalo we Orlando Pirates u Dr Irvin Khoza ukuqinisekile ukusula kuka Ertugral
