USUKAZI AKAYITHI VU EYOKUDLALA KU PSL NJENGOBA ESEBHEKE ISICOCO SE CONFEDERATIONS CUP

Isambane News tim-sukazi-ts-galaxy_drmasmkq09ru17di3arbtcdyc-300x169 USUKAZI AKAYITHI VU EYOKUDLALA KU PSL NJENGOBA ESEBHEKE ISICOCO SE CONFEDERATIONS CUP  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Usihlalo nomnikazi wompetha beNedbank Cup 2018/19 i-TS Galaxy uTim Sukazi obuye abe ngummeli wabadlali nabaqeqeshi uthi yena njengamanje isicoco asesibhekile eseCAF Confederations Cup njengoba ngesezini ezayo bezoyodlala kulomqhudelwano behambisana neCape Town City kanye ne- Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bobabili abazodlala kwiChampions League.

uSukazi ubonge kakhulu bonke abantu ababasekile ukusukela ekuqaleni njengoba leliqembu linezinyanga ezili-10 liyingxenye yebhola elikhokhelayo eMzansi.

Uthe lesisicoco seNedbank Cup kubona susho lukhulu njengoba ekhona namanye amaqembu aseneminyaka abakhona kodwa awakaze alibhade kwiFinale, Uthe mayebuzwa ngezindleko zokuyodlala e- Africa ukuthi ngeke zibakhathaze yini waphendula ngokukhulu ukukhululeka wathi cha kwazise abagodoli sanhlobo nemali.

Related posts

Leave a Comment