Andizo Mthembu – Isihlabani sikaMaskandi uKhuzani Mpungose umemezele ngokusemthethweni usuku lapho khona ezogcwalisa inkundla enkulu yaseThekwini iMoses Mabhida Stadium, uMpungose ubize isithangami sabezindaba osukwini lwayizolo nalapho khona ekubeke kwacaca ukuthi sebemi ngomculo nomcimbi kaMaskandi ozokuba mhlaka 30 March 2019 ngonyaka ozayo nalapho khona ezimisele kakhulu ukubona abalandeli bakaMaskandi begcwalisa lenkundla, lento ayiqondene nami Kodwa ithinta wonke umculo kaMaskandi jikelele njengoba sizobe sibameme bonke, abantu okufanele bekwazi ukuthi mayingagcwali iMabhida kuzobe kungasho ukuhluleka kukaKhuzani Kodwa kuzobe kusho ukuhluleka komculo kaMaskandi, “kusho uKhuzani.
Lomcimbi usunabo abaxhasi abasekhona okungumnyango wezobuciko namasiko kuzwelonke kanti abanye abaxhasi bazomenyezelwa esithangamini sabezindaba ngenyanga ezayo, lomcimbi kulindeleke ukuthi uheha amehlo abantu kakhulu njengoba umculi we Hip hop uCasper Nyovest kumhlulile ukuthi ayigcwalise lenkundla kanti sekulindeleke ukuthi uKhuzani kube uyena umculi wokuqala oyigcwalisayo lenkundla.