Ungqongqoshe ehhovisi likaMengameli uMaite Koana-Mashabane uthi ukuhlaselwa kwabesifazane kanye nezingane kufanele kuqedwe ngoba kuhlukumeza isizwe.
Zonke izakhamizi zakuleli ziyagqugquzelwa ukuthi zilwisane nesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ngokuthi basayinde isibophezelo sikazwelonke sokuthi sizoqedwa nya lesisihlava.
Umkhankaso wakulonyaka uqale namhlanje ziyi-25 Novemba uzophothulwa mhlaziyi-10 Decemba 2019,kanti lomkhankaso ubanjwe ngaphansi kwendikimba ethi “Enough is Enough: 365 days to end Gender-Based Violence and Femicide.
Kulomkhankaso isizwe sonke sizobe sisho ngazwi linye ukuthi kwanele.
Ungqongqoshe u Maite Koane Mashabane uthi onke amadoda kuzwekazi lakuleli ikakhulukazi eNingizimu Africa kufanele bahloniphe abantu besifazane.
Ugqugquzele amadoda ukuthi aqede nya isihlava sodlame kubantu besifazane