Uvuke kwi 947 uDj Fresh

Isambane News 67149292_10157170737315610_1660051473184063488_n-300x300 Uvuke kwi 947 uDj Fresh  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Uqweqwe lomsakazi uDj Fresh uzitholele ikhaya elisha ku947 emveni kokuba akhonjwa indlela isiteshi sakwaSABC i-Metro FM.uDJ Fresh wayekade enza uhlelo lwasekuseni kuMetro FM.

Ukhonjwe indlela emveni kokuba wakhwela wadilika kumlaleli nokulapho ahlatshwa khona ngekhefu eliyisipesheli nokwathi mayeseyalelwa ukuba axolise ngamazwi akhe wala waphetha kwagcina ngakho ukuthi bamfake amasondo.

Ku-947 uDj Fresh uzokwenza uhlelo lwantambama olungena ngo-15:00 kuya ku-19:00, kanti uzongena ezicathulweni zikaGreg no Lucky okwibona abebeshayela loluhlelo.

Abalaleli abaningi be947 abeneme neze ukuthi uFresh azongena ezicathulweni zika Greg no Lucky njengoba bekhala ngokuthi bobabili laba (Greg&Lucky) uhlelo lwabo belumnandi.

Isithombe: https://www.facebook.com/DJFreshSA/

Related posts

Leave a Comment