Uyashada umculi wokholo kuleli uDumi Mkokstad

Isambane News 61941343_10215142933982236_4383534130143428608_n-225x300 Uyashada umculi wokholo kuleli uDumi Mkokstad  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Isihlabani somculi wokholo kuleli uMdumiseni Nzimande odume ngelika Dumi Mkokstad uthi usekulungele ukubopha ifindo likasofa silahlahlane nesinqandamathe sakhe uZiphozenkosi Mthembu, oyindodakazi kaMbhishobhi webandla iPower of God Assemblies eliseMgungundlovu,Kwa-Zulu Natal.

Lezi zithandani zibonakale okokuqala ngqa emphakathini zindawonye namhlanje ngesithombe ebesifakwe ezinkundleni zokuxhumana ngabantu abahlukahlukene,okubalwa phakathi kubo uThinah Zungu ongumculi wokholo kuleli ehalalisela uMkokstad.

uDumi Mkokstad kade aqala amalungiselelo omshado njengoba athembisa uZiphozenkosi Mthembu umshado phambi kwezinkumbi zamakholwa enkonzweni yePhasika kulonyaka.

Usuku lomshado lwalezi zithandani luzoba ngoMgqibelo ekhaya lika Ziphozenkosi eThornville,eMgungundlovu,ngokusho kwesimemezelo seDaily Sun kuWebsite namhlanje.

Isambane News 61941343_10215142933982236_4383534130143428608_n-1 Uyashada umculi wokholo kuleli uDumi Mkokstad  Isambane
Esithombeni: uDumi Mkokstad, Umsakazi woKhozi FM uPhindi P kanye noZiphozenkosi Mthembu

Isithombe sicashuwe ku: https://www.facebook.com/ThinaZunguSA/

Related posts

Leave a Comment