UZITHOLELE IKHAYA ELISHA OBENGUNOZINTI WEPIRATES

Isambane News 1328986494df2aebf8d7ec87a8264cee-300x171 UZITHOLELE IKHAYA ELISHA OBENGUNOZINTI WEPIRATES  Isambane

Andizo Mthembu –

Iqembu leBidvest Wits osukwini lwayizolo iqinisekise izindaba zokuthi uBrighton Mhlongo obekwiPirates wabolekiswa kwiChippa United ngesizini edlule usengunozinti wabo ozobalekelela kakhulu kulesizini ezoqala ka 2018/19 kanti uMhlongo umenyezelwe no Bantu Mzwakali osuka kuyona iChippa United kanye no Mxolisi Macuphe ojoyine iChippa united esuka kwi Jomo Cosmos,ukuzimisela kukaMacuphe kwichippa ikhona okwenze ukuthi Gavin Hunt emlethe eqenjini lakhe lomdlali.

UMhlongo kulindeleke ukuthi azidlele isikimu kuleliqembu njengoba ezobanga ijezi no Darren Keet, iWits isayinisa uMhlongo nje isanda kushiywa unozinti walo uJoseph ojoyine iqembu laMazulu fc,iqembu le Wits ngesizini ephelile izinto azihambanga ngendlela njengoba beqede kunombolo 11.

Related posts

Leave a Comment