Uzokwehla uphethiloli ngenyanga ezayo

Isambane News 84d3398507efa84d1d5849d6753f444a_L-300x168 Uzokwehla uphethiloli ngenyanga ezayo  Isambane

 

Izindaba ezinhle kubashayeli bezimoto ngezokuthi bangalindela ukwehla kwamanani kaphethiloli ngenyanga ezayo ,ngokusho kwe Automobile Association (AA).

I-AA ithe ukuqina kwamandla erandi nokwehla kwamanani kawoyela emhlabeni kusho ukuthi abashayeli bangase babone uphethili wehla ngo 60c kuya ku 64 C ilitha ngokuqala kwenyanga ezayo.

Amanani kadizili kulindeleke ehle ngo 60c ilitha bese kuthi awophalafini wona ehle ngo 57 ilitha.

“Irandi liqhubekile nokuqina uma liqhathaniswa nedola laseMelika ingxenye yonke yokuqala kaJuni ,nokwenze ukuba amanani kawoyela ehle ngo 3c ilitha,” kusho i-AA.

“Umehluko omkhulu nokho wenziwe uwoyela ,owehle cishe ngo 8% kusukela inyanga iqala” ngokusho kwe AA.

Amanani ka phethiloli angase aqhubeke nokwehla uma kungekho okuzophazamisa umnotho noma ezombusazwe ngaphambi kwama rating review elandelayo.

Lokhu kulandela ukuthi wehlile uphethiloli nangasekuqaleni kwenyanga ephezulu.

Related posts

Leave a Comment