Wanqundwa amandla abelungu u Mandela – Malema

Isambane News 14516314_352066205132060_1046510516940930303_n-300x199 Wanqundwa amandla abelungu u Mandela - Malema  Isambane

Umholi we EFF uJulious Malema uthi loyo owayengumongameli kuleli ongasekho emhlabeni u Nelson Mandela yena wawushaya indiva umbono wokuthi zonke izimboni ezizimele zibe ngaphansi kwesolika hulumeni ngoba wanqundwa amandla abelungu ngemuva kancane ephumile ejele ngo 1990.
U Malema ubekhuluma namalungu eqembu eThekwini.
Uthi uMandela wayengusopolitiki owayenamandla impela kodwa ngesikhathi ephuma ejele uMandela wayengenayo ngisho isudu engenayo ngisho nemoto.
Uthi leligama elikhulu elibizwa ngo Mandela lalingenawo ngissho umbhede ocacile wokulala,labo ababenemali beza nakuye bamnqoba.
Uthi lena ke indlela uMandela awulahla ngayo umbono wokufakwa ngaphansi kuka hulumeni izimboni ezizimele.

Related posts

Leave a Comment