Kuqubuke umlilo ongaziwa uqhamukephi efemini

Isambane News 1412247769769_wps_35_The_empty_main_strip_Mich-300x200 Kuqubuke umlilo ongaziwa uqhamukephi efemini  Isambane

Kushe ifemu eku Gutenburg street  e Newcastle ngolwesithathu kanti okwamanje akucaci ukuthi kube yini imbangela yalo mlilo.

 

Ilungu le Chinese Chamber of Commerce u-Alex Liu uthe utshelwe ngumshayeli ngentuthu ebiqhamuka efemini engu makhelwane. Uthe ngemuva kokushayela abezokuvikela kuleli bhilidi ebelisha bazama ukubhula umlilo ,amanye amabhizinisi angomakhelwane nawo abe esefaka igxalaba asiza kubhulwa umlilo, aqinisekisa ukuthi zonke izisebenzi izisebenzi zikhishe kulefemu.

 

U Liu uthe izicishamlilo zifikile zase zichelaokokugcina ukuqinisekisa ukuthi umlilo ucime yonke indawo.

 

Umnikazi we femu u Susan  Ye ubonge kakhulu abanikazi bamanye amafemu ngokumsiza evelelwe yile nkinga.

 

 

Related posts

Leave a Comment