Ugwazwe washona owe NFP ehloma uqwembe lweqembu

Isambane News cieya-01-1-300x180 Ugwazwe washona owe NFP ehloma uqwembe lweqembu  Isambane

Ilungu le National freedom party (NFP) libhokodwe ngomese lashona limatasa liphanyeka uqwembe lomkhankaso lana endaweni yase Newcastle ngolwesine.

Unobhala wesifunda we NFP uLindiwe Msibi uthe u Anna Madonsela ubeku ward4 ngesikhathi exabana nowesilisa obegqoke isikibha se Anc ,kanti kusolakala ukuthi lo wesilisa ube esemgwaza .

Umsibi uthe bakholelwa ekutheni lokhu kuhlasela kunenhlansi yezepolitiki, ngoba I NFP iyawatatazelisa amanye amaqembu.

Yize I NFP ingekho ohlwini lwamaqembu azongenela ukhekho, u Msibi uthe banethemba lokuthi inkantolo izozwelana nabo yingakho beqhubeka nomkhankaso.

Ibukeka isingumkhuba indaba yokubulawa kosopolitiki Kwazulu Natal ikakhulukazi abeqembu elibusayo I ANC.

 

 

 

Related posts

Leave a Comment