I NATU ifuna izingane zothisha zithole imfundo yamahhala emanyuvesi

Isambane News images-2-300x169 I NATU ifuna izingane zothisha zithole imfundo yamahhala emanyuvesi  Isambane

Inyunyana yothisha I NATU isijoyine umkhankaso wokuthi izingane zothisha zithole imfundo yamahhala emanyuvesi akuleli.

I NATU ithi izingane zothisha kumele zingakhokhi njengezingane zothisha basezikhungwini zemfundo ephakeme.

Lesi isinqumo esithathwe engqungqutheleni yemigomo yale nyunyana oLundi enyakatho neKwazulu-Natal.

Isekela mongameli we NATU u Allen Thompson lithi uma kuthiwa othisha bayavunyelwa ukuthatha imali yabo yempesheni lokho kungehlisa isibalo sothisha abasula emsebenzini ngenhloso yokuthola imali ukuze bakhokhe izikweleti.

I NATU iphinde yathatha isinqumo sokuphikisana nokuhlolwa kwaminyaka yonke okuzoqala ngonyaka ozayo futhi baphikisana nokusungulwa kwenhlangano ezoqopha lokhu.Isambane News images-2-1 I NATU ifuna izingane zothisha zithole imfundo yamahhala emanyuvesi  Isambane

Related posts

Leave a Comment