Luseyindida udaba lwabavukuzi abangekho emthethweni

Isambane News FB_IMG_14736860859856782-300x190 Luseyindida udaba lwabavukuzi abangekho emthethweni  Isambane

Udaba lwabavukuzi abangekho emthethweni ababanjwe emayini endala i Langlaagte luseyindida njengalokhu imibiko ithi bane abavukuzi abangekho emthethweni abasasele ngaphansi kwamathumbu omhlaba.

Okwamanje ukuthungathwa kwabo kusamile njengalokhu kuthiwe kunamakhemikhali ayingozi angaphansi komhlaba.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo u Synoc Motabako uthe imibiko yokuthi kushone oyedwa wama zama zama ayikaqinisekiswa kodwa iqhamuke ngomunye wama zama zama okhishwe abezimo eziphuthumayo ngaphansi komhlaba.

U Motabako uthi kuseyingozi ukungena ngaphansi komhlaba okwamanje kuzolindwa usuku noma izinsuku ezimbili ukuze kuzoqhutshekwa nokuthungathwa ngenxa yokuthi amakhemikhali kungenzeka abe esethe ukwehla.Isambane News FB_IMG_14736860859856782 Luseyindida udaba lwabavukuzi abangekho emthethweni  Isambane

Related posts

Leave a Comment