useyikhokhile imali uzuma

Isambane News FB_IMG_14736895197662331-300x200 useyikhokhile imali uzuma  Isambane

Umgcinimafa usekuqinisekisile ukuthi umengameli u Jacob Zuma useyikhokhile imali engu R 7,8m abeyikweleta ngokulungiswa komuzi wakhe ose Nkandla.

Isigungu songoti bezinkampane ezimbili kwezokwakha basiza umgcinimafa kazwelonke ekutholeni isamba semali okumele ikhokhwe uZuma ngengxenye yomklamo owenziwa emzini wakhe.

Umgcinimafa waphakamisa ukuba u Zuma okhokhe u R7,8m ngezinto ezafakwa emzini wakhe kungafanele kubalwa kuzona I swimming pool ngo R2,3m ,i amphitheater ka R1m kanye nesibaya sika R1,2m.

Inkantolo yomthetho sisekelo ngomashi yanquma ukuthi uZuma akawuhloniphanga umthetho sisekelo ngesikhathi ezishaya indiva izincomo zika mvikeli womphakathi.

Okhulumela ihhovisi lika mengameli uBongani Ngqulunga kanye nokhulumela ihhovisi likamgcini mafa uYolisa Tyantsi bakuqinisekisile ukuthi imali isikhokhiwe,isitatimende esigcwele sizokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.Isambane News FB_IMG_14736895314258308 useyikhokhile imali uzuma  Isambane

Related posts

Leave a Comment