KUGINQIKE IVENI LAPHENDUKA KWALIMALA ABANTU ABABILI

Isambane News FB_IMG_14737434403785493-300x169 KUGINQIKE IVENI LAPHENDUKA KWALIMALA ABANTU ABABILI  Isambane

Ngezithuba zehora lesithathu izolo ntambama abosizo oluphuthumayo bakwa Netcare 911 Paramedics baphuthumele kumgwaqo onguthela wayeka u N2 North maduze ne Sibaya Casino eThekwini ngemuva kokuginqika kweveni yaphenduka phakathi komgwaqo.

Abosizo oluphumayo bafike endaweni yesigameko bathola iveni kanye nenqola iphendukile,ipocokile inqola kuchitheke nempahla yangcolisa umgwaqo.

Abosizo oluphuthumayo balaphele abantu ababili besilisa abalimale kanzima engozini endaweni yesigameko ngaphambi kokubaphuthumisa esibhedlela.

Imbangela yale ngozi ibingakaziwa kanti amaphoyisa asaphenya ngokubangele lengozi.

Related posts

Leave a Comment