UMNYANGO WEZEMPILO E GAUTENG UKHATHAZEKILE NGOKUDLULA EMHLABENI KWEZIGULI EZINGAMASHUMI AMATHATHU NESITHUPHA

Isambane News FB_IMG_14738679358187366-300x300 UMNYANGO WEZEMPILO E GAUTENG UKHATHAZEKILE NGOKUDLULA EMHLABENI KWEZIGULI EZINGAMASHUMI AMATHATHU NESITHUPHA  Isambane

Umnyango wezempilo esifundazweni sase Gauteng ukhathazekile ngokudlula emhlabeni kwezigulane ezinokuphazamiseka ngokomqondo ezingamashumi amathathu nesithupha e Life Esidimeni.

Lokhu kuvezwe ungqongqoshe wezempilo esifundazweni sase Gauteng ngolwesibili u Qedani Mahlangu kwisishayamthethweni sesifundazwe ngenkathi ephendula umbuzo ka Jack Bloem weqembu le DA.

Lezigulane ebezinokuphazamiseka ngokomqondo zadluliselwa kuma NGO angu 122 emva kokuthi umnyango wezempilo waqeda inkontileka ne Life Esidimeni okuyisikhungo esinakekela izigulane eziyizinkulungwane ezimbili.

Okhulumela umnyango esifundazweni u Steve Mabuza uthe umnyango usaphenya ngaloludaba njengalokhu nenkontileka ababenayo nesikhungo sase Life Esidimeni.

Related posts

Leave a Comment