KUGXEKWA UNGQONGQOSHE WEZEMPILO WASE GAUTENG NGOKUDLULA EMHLABENI KWEZIGULI

Isambane News FB_IMG_14738824535707093-300x290 KUGXEKWA UNGQONGQOSHE WEZEMPILO WASE GAUTENG NGOKUDLULA EMHLABENI KWEZIGULI  Isambane

Iqembu le DA lithi ungqongqoshe wezempilo esifundazweni sase Gauteng u Qedani Mahlangu kumele asule esikhundleni sakhe kulandela ukudlula emhlabeni kweziguli ezingamashumi amathathu nesithupha ezasuswa e Life Esidimeni zathunyelwa kuma NGO ahlukene.

Ngonyaka owedlule ungqongqoshe uMahlangu wathi izikhungo zama NGO zizogcina iziguli ezingu 591 besekuthi ezinye ziyiswe e Witkoppies,Sterkfortein nakwezinye izibhedlela zabagula ngenqondo.

Iqembu le DA lithi ligxeka u Mahlangu ngokudlula emhlabeni kweziguli ngakho ke komele asule esikhundleni okanye uNdunankulu wesifundazwe u David Makhura amxoshe nje.

Imindeni eshonelwe ithukuthele kabi ngalesisehlakalo kanti bayafisa kuthathwe izinyathelo.

Related posts

Leave a Comment