Akasekho emhlabeni uMandoza

Isambane News ndozen-300x300 Akasekho emhlabeni uMandoza  Isambane

Inkalakatha, isgelekeqe esi-focus, ingalabesi, ugodoba! Sekuvele ezithi akasekho emhlabeni lowo obengumculi wekwaito uMduduzi “Mandoza” Tshabalala.

Izindaba ze-EWN zibike ukuthi lo mculi kugcine kumenele kulandela ukuvela kokuthi usubuye okwesibili umdlavuza owake wamxina ngaphambilini.

Umndeni wakhe uqinisekisile ukuthi ushonile ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela ngeSonto ekuseni.

UMandoda, 38, kwavela ukuthi unesimila ebuchosheni ngonyaka owedlule.

Kwenzeka konke lokhu unkosikazi wakhe uMpho ubesanda kugeqa amagula ngokugula kwalesi sihlabani, wathi ‘asikafiki isikhathi sokuthi sishone”.

UMandoza ubonakale emcimbini we-SABC ngoMgqibelo owedlule lapho ebenandisa khona wabonga abalandeli ngokumeseka kulesi sikhathi esinzima.

Related posts

Leave a Comment