Ungqongqoshe kuthiwa uselobole izikhawu eziyisikhombisa

Isambane News download-1 Ungqongqoshe kuthiwa uselobole izikhawu eziyisikhombisa  Isambane

UNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNkosinathi Nhleko kubikwa ukuthi useke walobola abantu besifazane abayisikhombisa, kanti sekunamahlebezi kankosikazi wesishiyagalombili.

UNhleko kuthiwa uzoshadelwa ngumakhwapheni wakhe uDkt Nomcebo Mthethu.

nokho lezi zindaba zikhulunyelwa phansi ngoba uNhleko ubengakayiceli imvume yokuthatha omunye unkosikazi kumkakhe uNothando, 31.

“Ngizwile ukuthi bahlela ukushada, kumanje kuthiwa uNhleko wakhela uNomcebo umuzi eBallito. Angazi lutho njengoba ngingasahlali nje kwami – kepha ngiyazi ziyawushaya maduze,” kusho uNothando.

“Sekukaningi elobola abantu besifazane uNhleko, kepha izinto azikaze zilunge njengoba begcina ngokuhlukanisa,” kusho omunye umthombo.

“UNhleko washadelwa okokuqala eneminyaka engu-22 ubudala. Izinto azimhambeli kahle emshadweni yingakho epheka ethulula,” kuqhuba umthombo.

Related posts

Leave a Comment