Umasipala wase Newcastle wakhipha isaziso lapho ubuxwayiswa umphakathi wase Newcastle ngokubhaliswa komhlaba okungekho emthethweni eMadadeni Ngase majuba stadium,kodwa noma sikhishiwe isexwayiso umphakathi usaqhubeka.
Umphakathi wase Madadeni uthi wathenjiswa izindawo zokuhlala kusukela ngonyaka ka 2006 kuze kube manje usalindile yingakho uze wathatha isinqumo sokuzisikela umhlaba ngenkani.
Umhlaba lona uNgowe Ngonyama trust board enganyelwe Isilo samabandla kodwa noma kunjalo umphakathi uthi uzoqhubeka nokusika umhlaba kuze kube ukuthi umasipala ubanika indawo eqondene nabo.