‘Angazi ngihlukunyezelwani kangaka’, kusho ubaba kaSenzo Meyiwa

Isambane News 3891273272-300x200 'Angazi ngihlukunyezelwani kangaka', kusho ubaba kaSenzo Meyiwa  Isambane

Ubaba kaSenzo Meyiwa, uSamuel, uthi akushiwo uma kukhona la ona khona bese eyaxolisa, ngoba akasayiqondi indlela izinto ezenzeka ngayo.

Ubaba kaSenzo, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uthi akazi ngungani ehlukunyezwa kangaka.

“Akucaciswe uma kukhona engabanyathela amakhona ukuze silungise izinto njengamadoda,” kusho uMeyiwa

Uthe uyabona ukuthi uyashaywa kwazise sekuphele iminyaka emibili indodana yakhe yabulawa kepha akukaboshwa muntu.

“Ngisho nemali yakhe yomshwalense ayifiki ezandleni ezifanele. USenzo wangishiya nezingane ezintathu ezifundayo futhi ezidinga ukondliwa,” esho.

Uthi seziyazitshwa nezingcingo zakhe uma ebuza ngale mali.

“Sekungathi manje konke okwakwenziwa kwakwenzelwa amehlo abantu ngendumezulu yomngcwabo. Angisaqondi ukuthi kungani le mali ingaphumi,” ezikhulumela.

Related posts

Leave a Comment