Sebethelelene amanzi umdlali nomqeqeshi wePirates

Isambane News download-2 Sebethelelene amanzi umdlali nomqeqeshi wePirates  Isambane

Umdlali odlala esiswini we-Orlando Pirates u-Edwin Gyimah usexolelene nomqeqeshi uMuhsin Ertugral ngemuva kokuhilizisana ngesonto eledlule.

Laba babanengxabano eshubile eCape Town International Airport kulandela ukushaya i-Ajax ngo-2-1 ngoSepthemba 13.

Kuthiwa kungenzeka ukuba ingxabano yasuswa u-Ertugral ngesikhathi ethethisa uGyimah bephuma enkundleni nge-half-time eCape Town Stadium.

Kodwa manje sebethelelane amanzi, ngokusho kwesinye sezikhulu zeqembu.

“Nakuba iqembu lingakazithathi izinyathelo, umqeqeshi nomdlali sebexolelene,” kusho isikhulu.

“UGyimah ufike ejimini waxolisa kumqeqeshi phambi kwabadlali bonke. Umqeqeshi ukwamukele ukuxolisa kwakhe. Iqembu manje seligxile emalungiselweni omdlalo olandelayo neCape Town City namhlanje .”

Related posts

Leave a Comment