ISuperSport izosiza iSundowns ngokushintsha inkundla

Isambane News sundowns-vs-chippa-TKO-3-300x169 ISuperSport izosiza iSundowns ngokushintsha inkundla  Isambane

ISuperSport United FC isikuqinisekisile ukuthi ifake isicelo kwiPremier Soccer League ukuze ishintshe inkundla ezodlalela kuyona umdlalo wayo neFree State Stars mhlaka-24 kuSepthemba.

Lesi sicelo senziwe ukuze kulekelelwe iqembu elingomkhaya be-United eTshwane, iMamelodi Sundowns, ezithole ingenayo inkundla ebhukhiwe njengoba izodlala umdlalo obalulekile womlenze wesibili, owandulela owamanqamu, emqhudelwaneni we-CAF Champions League neZesco United yaseZambia.

 

I-CEO yeSuperSport United, uStan Matthews, ukuqinisekisile ukuthi akukho okubaphoqa ukuthi badedele inkundla iLucas Moripe ukuze badedele umdlalo weSundowns, wathi kodwa babone kuyinto “elungile” ukuthi bayenzele omkhaya babo.

”Angeke ngenze sengathi ngijabule ngalesi simo njengoba siphazamisa izinhlelo zomqeqeshi wethu, abadlali bethu, abalandeli bethu, abaxhasi bethu kanye nesabelozimali sethu,” kusho uMatthews.

Inkundla entsha esiqinisekisiwe yiKing Zwelithini Stadium, eselokishini laseMlazi, ngosuku kanye nesikhathi esifanayo.

Related posts

Leave a Comment