Kushone owesifazane kudutshulwa itekisi ngaseDaveyton

Isambane News 14368725_345760465762634_374149780232947282_n-169x300 Kushone owesifazane kudutshulwa itekisi ngaseDaveyton  Isambane

Kudutshulwe kwabulawa umgibeli wetekisi namhlanje ekuseni kwalimala abane kanzima ngesikhathi kudutshulwana ku-N12 West eduzane naseDaveyton.

Abosizo lokuqala, i-ER24 nezinye izimo eziphuthumayo bebesendaweni yesigameko namhlanje ekuseni.

“Kubukeka sengathi abantu bebehamba ngetekisi ngesikhathi abasolwa bevulela ngenhlamvu. Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bafice itekisi iphelile yizinhlamvu,” kusho okhulumela i-ER24 uChitra Bodasing Harduth.

“Abosizo lokuqala babe sebehlola abagibeli bathola oyedwa wabo eseshonile.

Amaphoyisa asendaweni yesigameko kanti aseqalile ngophenyo.

Akukaboshwa muntu.

Related posts

Leave a Comment