Umqeqeshi we Highlands Park uthi ngeke bayincenge i Chiefs namhlanje

Isambane News da56bc03c89b4b0ac9a97e19cdced91b-300x171 Umqeqeshi we Highlands Park uthi ngeke bayincenge i Chiefs namhlanje  Isambane

IHighlands igcwele ukuzethemba ngemuva kokushaya iBaroka FC emdlalweni wayo wokugcina, kanti aMakhosi abengakanqobi mdlalo kusukela kuqale isizini.

UFreese uthi akayithathi kancane iChiefs kepha ngeke akuvumele lokho ukuthi kumphazamise ekutheni ayithele isibhaxu.

 

“Siyayihlonipha iChiefs ngoba iyiqembu elikhulu, kepha ngeke sizithambise,” kusho uFreese etshela iKickOff.com.

“Senze kahle emdlalweni wethu neBaroka. Sidlale kahle ekhaya nokuyikho okusinika isibindi kulo mdlalo wakusasa.”

Lo mqeqeshi owake wacija iPlatinum Stars uthe ukulindele ukuthi iChiefs ifike kulo mdlalo ingagayelwe mphako.

“Ngenxa yokuthi izinto ziyababhedela bazozama ukusimbozela, kepha sizozibamba ziqine,” kusho uFreese.

 

 

Related posts

Leave a Comment