U Babes Wodumo uthi angeke elokhu ephathana nebhayibheli

Isambane News 14441053_346776235661057_3357829013819645389_n-300x250 U Babes Wodumo uthi angeke elokhu ephathana nebhayibheli  Isambane

UBabes Wodumo uveze ukuthi akusho ukuthi ngoba nakhu eyindodakazi yomfundisi sekusho ukuthi kufanele naye alandele izinyathelo zikayise, wathi abazali bakhe babizelwa nguNkulunkulu kulokho, hhayi yena.
Lo mculi weculo iWololo uthe umsebenzi wakhe awuchazi ukuthi akasesiye umKrestu. Udalule ukuthi yize eyingane yomfundisi abantu abangalindeli ukuthi afane nobaba wakhe ngoba ungumculi futhi ungumdansi akasiye umfundisi.
“Ngiyindodakazi yomfundisi kodwa angisiye umfundisi. Uma ubaba wakho eyiphoyisa, awuhambi ubopha abantu, kuyafana ke nakimi; angikwazi ukuhamba ngiphethe ibhayibheli. Umama nobaba babizelwa, hhayi mina,” usho njalo etshela leli phephandaba.
“Ngisakholelwa kuNkulunkulu. Ngiyamuqonda uNkulunkulu. UNkulunkulu uyazi ngiyamuthanda futhi ngiyakuthanda nokudansa,” usho njalo eqhuba.

Related posts

Leave a Comment