Ushayiswe imoto walimala kabi

Isambane News 14370162_346626982342649_2997887409152187393_n-300x169 Ushayiswe imoto walimala kabi  Isambane

Umlisa oneminyaka engu 53 ubudala uthole ukulimala izolo ekuseni ngemuva kokushayiswa imoto kumgwaqo u Berg & Boshoff e Pietermaritzburg.

Abosizo lokuqala bakwa ER24 paramedics bafike endaweni yesigameko bathola lomlisa elele edindilize phansi.

Abosizo lokuqala ngemva kokumhlola lomlisa bathole ukuthi ulimele kanti ebesesimeni esibucayi.Uthole ukulashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela kanti umshayeli wemoto akazange athole ukulimala.

Imbangela yalengozi ibingakaziwa kanti amaphoyisa asaqhubeka nophenyo

Related posts

Leave a Comment