I-ANCYL isigxeke uNgqongqoshe ngokuzenza uJesu

Isambane News 14440791_348831725455508_6788946939650429038_n-1-300x286 I-ANCYL isigxeke uNgqongqoshe ngokuzenza uJesu  Isambane

Uphiko lwentsha lwe-ANC, i-ANC Youth League (ANCYL) luthi uNngqongqoshe wezeZimali, uPravin Gordhan, kumele ayeke ukuzenza uJesu kanye nokwenza engathi uyena kuphela ozimisele ngokulwa nenkohlakalo kwi-ANC.
Lokhu kuphawula kwe-ANCYL kumayelana nomdonsiswano olokhu uqhubeka phakathi kwa-Gordhan kanye nophiko loKlebe.
“Ngokulinganayo sinxusa u-Pravin ukuthi angangeni ogibeni lokufuna ukuba uJesu Kristu wamanje, enze sengathi embuthweni wonke, uyena yedwa ozinikele ekulwisaneni nenkohlakalo,” kubeka i-ANCYL esitatimendeni.
Luqhube lwathi lo mdonsiswano phakathi kwa-Gordhan kanye noKlebe awamukelekile.
Ngenyanga edlule, oKlebe bayalela uGordhan ukuba afike emahhovisi awo mayelana nezinsolo zokusungulwa kophiko lwezobunhloli kanye nokugunyaza umhlalaphansi isikhathi singakashayi waloyo owabe enguKhomishana wakwa-SARS, u-Ivan Pillay.
Kodwa-ke u-Gordhan wakubeka kwacaca ukuthi angeke aze alubhade lapho nokwagcina ngokuthi angayi.

Related posts

Leave a Comment