Basaqhubeka nokubhikisha abafundi

Isambane News 14502709_349322892073058_6761575864940193960_n-243x300 Basaqhubeka nokubhikisha abafundi  Isambane

Ezikhungweni zemfundo ephakeme kuleli abafundi bayaqhubeka nemibhikisho enodlame phakathi ehlanganisa ukushiswa kwezikhungo kanye nenqgalasizinda yazo bekhala ngezidingo eziningi ezihlanganisa imfundo yamahhala, nokuphikisana nokwenyuswa kwemali yokufunda ngonyaka ozayo. Ukusa kwayizolo e University of Zululand- Ongoye kushiswe izimonto eziyisishiyaga lolunye, kwathi e University of Kwa Zulu Natal eMgungundlovu nakhona kwashiswa isakhiwo sesikhungo nokusolwa khona abafundi. Enyuvesi yasePitoli abafundi bathungele ngomlilo izimoto ezimbili zezisebenzi kanye negumbi lama computer. Ukufunda ezikhungweni eziningi kuleli kusamisiwe njengoba kuqhubekalemibhikisho yabafundi enodlame. Uhlaka olwaziwa nge Progressive Professionals Forum la esfundazweni iKZN selugxeke izenzo zokushiswa kwezakhiwo nezinsiza ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Related posts

Leave a Comment