Inongoma FM isizozwakala eMelika

Isambane News 14440616_349181835420497_1697623607946723386_n-300x170 Inongoma FM isizozwakala eMelika  Isambane

Isiteshi somsakazo womphakathi sakwa Nongoma eKzn I Nongoma FM etholakala ku 88.3FM senze isivumelwano sokusebenzisana nesiteshi somphakathi sase Melika esibizwa nge KBMF esitholakala ku 102.7FM esisedolobheni I Montana.
Ongu mphathi siteshi se Nongoma FM uMtwana u Sboniso Zulu uthi ukwenza kwabo ubudlelwano nalesi siteshi sase Melika kuzosiza ekuthuthukisweni ezokuvakasha kulendawo ngoba ezinto ezithinta isikompilo labantu abahlala kuyo ezinye zazo zizosakazelwa abantu base Melika.
I Nongoma FM izosakazela bukhoma abantu base Melika uhlelo lwasekuseni I Breakfast show njalo ngolwesithathu phakathi kuka 6 no 8 ngokwesikhathi sase Mzansi okuzobe nguwuLwesine phakathi kuka 10 no 11 ebusuku ngokwesikhathi sase Melika.
I Nongoma FM inabalandeli abalinganiselwa ku 72 000 kanti izwakala ezindaweni ezakhele iZululand KwaZulu Natal.

Related posts

Leave a Comment