Sekushone omunye wabasebenza ukuhlanza inyuvesi

Isambane News 14463087_349176492087698_8615252370403992217_n-300x300 Sekushone omunye wabasebenza ukuhlanza inyuvesi  Isambane

Inyuvesi yase Wits isiqinisekisile imibiko ethi sekushone omunye wabasebenza ukuhlanza lenyuvesi lokhu kulandela ukuthi izitshudeni zadedela ithulusi lokucisha umlilo kwelinye lamahholo enyuvesi ngesonto eledlule.
uShirona Patel uqinisekisile Inyuvesi isithole imibiko yokuthi lomsebenzi obesebenzela kulekhempasi ushone ngesonto eledlule.
Lomsebenzi waphuthunyiswa kwabezempilo khona esikhungweni sase Wits emvakwalokho wayiswa esibhedlela wahlala izinsuku ezimbalwa.
Wabe esededelwa esbhedlela ngokuhamba kwesikhathi washona.
uPatel uthi imbangela yokufa isazohlolisiswa.
Inyuvesi ilinde umbiko ophelele ovela kubahlinzeki ngaphambi kokuthi bakhulume kabanzi inyuvesi iphinde yadlulisa amazwi ayo enduduzo kumndnei,abasebenzi kanjalo nozakwabo.
Inyuvesi yase Wits yaqala ukubhikisha ngesonto eledlule emvakokuthi ungqongqoshe wezemfundo ephakeme udokotela uBlade Nzimande ememezele ukuthi ukukhokhwa kwezimali emanyuvesi ngonyaka ozayo kuzokwenyuswa ngo 8%

Related posts

Leave a Comment