Ungqongqoshe wezempilo eKZN uxwayisa ngokuchathwa kwezingane

Isambane News 14449996_347733805565300_949756586100466015_n Ungqongqoshe wezempilo eKZN uxwayisa ngokuchathwa kwezingane  Isambane

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isixwayiso mayelana nokuchathwa kwezingane ezincane ngamakhambi ahlukene.

Lo mnyango ukhala ngokunyuka kwezibalo zezingane ezingeniswa ezibhedlela ngenxa yezinkinga ezidalwa ukuchathwa.

Izingane zisuke zichathelwa ukukhishwa inyoni noma ukuthambisa isisu uma ziqunjelwe.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo uthe la makhambi okuchathwa ngawo izingane anobungozi futhi asuke engaphasisiwe ngabe-Medical Control Council (MCC) ngaphansi kowe-Medical Control Act.

Related posts

Leave a Comment