Babanjiwe ongqondongqondo abagebenga abantu eDundee

Isambane News 14522977_349755205363160_3944970102781475576_n-300x183 Babanjiwe ongqondongqondo abagebenga abantu eDundee  Isambane

NgoMgqibelo amaphoyisa ophiko lobuchwepheshe bobugebengu eDundee abophe izigebengu ezine ezingamaqola.

Laba basolwa baboshelwe ukukhwabanisa ngamagama abantu, kusho okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala.

Laba basolwa baboshelwe edolobheni laseDundee ngemuba kokuthi bathenge omakhalekhukhwini abasha bezinkontileka ngamaphepha angekho emthethweni.

Uphonyo olunzulu lubonisa ukuthi laba kudala beqhuba ubugebengu emadolobheni aseGlencoe, eDundee naseNewcastle.

Related posts

Leave a Comment